Ilaxaze umendo indodakazi kaZuma eganele ebukhosini
IBUYE emendweni indodakazi yowayengumengameli wakuleli uJacob Zuma.
Umbiko weSwatini News udalule ukuthi indodakazi kaZuma uNomcebo (22) ogane iNkhosi uMswati lll (50) ibuyele ekhaya yuashiya umendo kanjalo.
Le ndodakazi ingundlunkulu wokugcina wesi-14.
Leli phephandaba libike ukuthi indodakazi kaZuma ishiye endlunkulu yabuyela eNkandla.
Umbiko uveze ukuthi iikhale ngokuthi ngeke iyimele lendaba yesithembu nokuthi ayisamazi nangamehlo umyeni njengoba emaningi amakhosikazi.
Kuthiwa ithimba labakhongi liyazama ukulungisa isimo nokumbuyisela emzini nokuxoxa nabaseNkandla kwaZuma kodwa akulungi.

