Owaduma kuKhozi FM uqokelwe isikhundla esiphezulu eKZN
ZIKHWELE kowaduma kuKhozi FM okumanje uqokwe esikhundleni esiphezulu enhlanganweni eyeseka amaciko KwaZulu-Natal.
UZandile Tembe umenyezelwe njengephini likaSihlalo weKwaZulu-Natal United Music Industry Association (KUMISA).
IKUMISA iyinhlangano engenzi nzuzo eyeseka futhi isize ekusimamiseni umsebenzi wemboni yomculo kanye nababambe iqhaza KwaZulu-Natal.
Lezi zindaba zijabulise abaningi abahlonipha umsebenzi namagalelo kaZandile.
Lo wesifazane uzakhele igama esebenza kwiphephandaba iLanga kwaze kwaba uya kuKhozi FM lapho eshiye esengumphathi wezinhlelo.
IKUMISA iyinhlangano engenzi nzuzo eyeseka futhi isize ekusimamiseni umsebenzi wemboni yomculo kanye nababambe iqhaza KwaZulu-Natal.

