Silaxaze ibheyili isangoma esibhekene nelokubulala ingane
ISANGOMA esibhekene necala lokubulala ngenhloso nokushushumbisa ingane eneminyaka emibili ubudala sikhethe ukulaxaza ibheyili.
Umbiko weZululand Obsever ubike ukuthi uSebokoana Khounyana (50) uvele enkantolo  yeMantshi yaseVanderbijlpark.
Umsolwa nonina kamufi uKuneuwe Portia Shalaba (32) babhekene namacala okubulala ehlosile, ukushushumbisa umuntu nokwakha itulo lokugebenga kanye nokuqamba amanga emaphoyiseni.
Umbiko wamaphoyisa usola unina wengane ngokuyidlisa ushevu maqede ayingcwabe ethuneni elifushane.Â
Okhulumela i-NPA ophikweni lwaseGauteng, uLumka Mahanjana uthe kusolakala ukuthi ngoNovember 10 2024, uShalaba wathatha ingane yakhe waya esangomeni.
Wasicela ukuthi sibulale ingane ngoba wayengeneme ngobulili bayo futhi esekhathele ukufihlela umndeni wakhe ukuthi empeleni ingane iyintombazane.
Icala lihlehliselwe u-August 6 nonyaka.

