Izindaba

UShivambu usexolise ngodaba lwezidakamizwa kuNdhlela

WEHLELE ngezansi waxolisa waphinde wahoxisa amazwi akhe uFloyd Shivambu osanda kudalula ukuthi owayenguzakwabo kuMkhonto WeSizwe Party uhlala edakiwe futhi udla nezidakamizwa.


UShivambu uxolise kokhulumela iMK Party uNhlamulo Ndhlela ngokuthi udla izidakamizwa futhi uhlala edakiwe.

” Kumele ngihoxise ngaphandle kwemibandela ngihoxose isitatimende esimayelana nokusetshenziswa kwezidakamizwa nokusebenzisa kabi utshwala engakusho ngoMkhulumeli weqembu le-MK Party uNhlamulo Ndhlela,” kusho uShivambu.


Uqhube wathi uthanda ukukhuthaza bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baziqhelelanise nezidakamizwa futhi bahlukane notshwala.