Ezemidlalo

IBanyana idube ukuqeqeshwa ngenxa yemiholo

IBanyana Banyana idube ukuqeqeshwa ngenxa yokungakhokhelwa imiholo.


Lokhu kwenzeka nje iBanyana Banyana ibhekene nemidlalo emqoka koweNdebe Yamazwe Ngabesifazane Yase-Afrika (WAFCON).

Umbiko we-eNCA uthi labompetha abavikela isicoco bathi abakaholelwa imali yabo futhi bafake isikhalo kuSafa.

Banqabile ukuqhubeka nokuzilolonga eMorocco lapho lo mqhudelwano uzoqala khona ngoMgqibelo ozayo.

Leli qembu ligcine ukuzilolonga ngoLwesine, ngemuva kokufika kwelaseNyakatho Afrika ngoLwesithathu.

IBanyana Banyana ikuGroup C, ihambisana neGhana, Mali, neTanzania.

Abadlali bafuna ukukhokhelwa ngokushesha amaholo asele ekhempini yabo ka-April noJune, ebeyingxenye yamalungiselelo ka-WAFCON kamqeqeshi uDesiree Ellis.

Kubikwa ukuthi iSafa yehlulekile ukukhipha lezi zimali.

NgoLwesine ithimba likhulume neNhloko yezithunywa uThabile Msomi etshele abadlali ukuthi udaba seludluliselwe kuMengameli weSafa uDkt Danny Jordaan.