Kugwetshwe indoda yaseMadadeni ngecala lezidakamizwa
UGWETSHWE iminyaka engu-15 umlisa waseMadadeni owalahlwa yicala lokudayisa i-mandrax.
Inkantolo yesiFunda yaseMadadeni igwebe uMduduzi Kunene (57) kulandela ukutholakala enecala lokutholakala namaphilisi i-mandrax yentengo ka-R112,000 lapho ayehlala khona.
Ngo-October 2023, amaphoyisa ayenomkhankaso wophenyo nokuyilapho athola uKunene ecashe endlini yezinja.
Yize aveze ukuthi izidakamizwa zitshalwe ngamaphoyisa kodwa uKunene watholwa enecala.
Isigwebo sakhe sizohlanganisa iminyaka emihlanu elengisiwe ngaphansi kombandela wokuthi angalahlwa yicala elifanayo ngaleso sikhathi.

