Uncategorised

Udilikajele kubaba waseMpangeni odlwengule indodakazi

INkantolo yesiFunda yaseMpangeni igwebe owesilisa waseNdabayakhe udilikajele ngecala lokudlwengula indodakazi yakhe.


Ngokombiko lesi sigameko senzeke ngoDecember 2020 ngesikhathi isisulu nomfowabo bevakashele uyise ngamaholidi kaKhisimusi.


Ngosuku lwesehlakalo intombazanyana ebina-12 yayilele embhedeni  umfowabo elele phansi ekameleni eliliodwa.

Uyise (39) wangena wayivala umlomo wayidlwengula.

Yathi uma izama ukumemeza icela usizo wathi ayithule, wayisabisa ngokuyibulala yona unina nomfowabo.

Kuthe isibuyele ekhaya kunina yatshela umzala wayo, yena ewadlulisela udaba kunina maqede bayobikela amaphoyisa kwavulwa icala.