Izindaba

UNdhlela akasoze alwamukela uxolo lukaShivambu

NAKUBA owayenguNobhala-Jikelele woMkhonto WeSizwe uFloyd Shibambu esekuhoxisile akusho ngomkhulumeli waleli qembu, kodwa ukuxolisa kwakhe akwamukeleki.


Lokhu kuvezwe yi-eNCA ethi lowo okhulumela iMK Party uNhlamulo Ndhlela uthi kasoze akwamukele ukuxolisa kuka Floyd Shivambu.

Izolo uShivambu uhoxise inkulumo yakhe ethi uNdhlela udla utshwala nezidakamizwa futhi ungumqambimanga.

Ukuxolisa kukaShivambu kuza ngemuva kokuthi uNdhlela ethumele incwadi ephoqa ukuthi ahoxise akushilo waphinda wamfaka kubameli.


UNdhlela umangalele uShivambu ngokudicilela phansi isithunzi sakhe kanti uthi akalihoxisi icala lakhe lika-R3 million.

Uphonsela inselelo uShivambu ukuthi ahlole eyakhe izidakamizwa futhi aziveze obala njengoba enza.