Ezemidlalo

Ukhihle esikaNandi uPogba esayina eqenjini elisha

UKHALE izinyembezi zenjabulo uPaul Pogba ngemuva kokusayina neMonaco.


UPogba owake wangumnqobi weNdebe Yomhlaba ka-2018 ukhala izinyembezi ngesikhathi esayina inkontileka yakhe esekwe yisikhulu esiphezulu se-Monaco u-Thiago Scuro.

Lo mdlali waseFrance usayine inkontileka yeminyaka emibili eqenjini le-Ligue 1, okumanje lilele isithathu kulesizini ka-2024/25.

Lesi yisiqalo esisha ku-La Pioche, ozimisele ukugeza igama lakhe ngokusebenza ngokukhuthala kuleli qembu njengoba sekulindelwe iNdebe Yomhlaba wonke ka-2026.

Kuzokhumbuleka ukuthi lo mdlali wasesiswini wamiswa yiFIFA izinyanga ezingu-18 kulandela ukutholakala kwezidakamizwa egazini nokwaveza ukuthi unezinga eliphezulu le-testosterone.