Uzohlonishwa ngendondo umsakazi weMetro FM
Umakadebona womsakazi uzohlonishwa ngendondo yeLifetime Achievement Award emiklomelweni yomiklomelo yokuqala ye-South African Voiceover Awards (TSVA).
UWilson B. Nkosi owethula uhlelo iSounds and Stuff Like That kuMetro FM uzohlonishwa emcimbini ozoba ngo-October 4, eGoli.
UWilson uqokwe ngenxa yamagalelo akhe embonini yezokusakaza njengoba selokhu aqala kuyona kusukela ngo-1986.
Le nkakha yomsakazi izophinda ihlonishelwe ngomsebenzi wayo wokuba ngumethuli wezinhlelo zethelevishini ezidumile okubalwa kuzo iSidlalela Intsha neJam Alley.
Umengameli weTSVA uSinemivuyo Mpulu ucashunwe kwiBizcommunity ethi : “Lesi isikhathi sokubungaza. Simema bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba bahlanganyele nathi ngobusuku obungenakulibaleka.”

