Izindaba

Kubhekwe isigwebo sowavuma ukubulala uMagaqa

KUZOSHONA elanamuhla izwe lazi ukuthi owabulala isishoshovu se-ANC Youth League uzobhadla ejele isikhathi esingakanani.

USibusiso Ncengwa walivuma icala lokubulala uSindiso Magaqa phambi kweNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu kanti uzogwetshwa namuhla.

Wavuma ukuthi wadubula ngesibhamu uMagaqa  eMzimkhulu ngo-2017.

Waphinda wavuma icala lokuzama ukubulala amakhansela amathathu ezigceme, uJabulile Msiya, Nonsikelelo Mafa, noNceba Mazongolo kanye nokucekela phansi impahla kanjalo nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.

Icala elibhekene nabanye abasolwa uSbonelo Myeza noMbulelo Mpofana lizobuyela enkantolo mhla zi-6 October nonyaka.

UMlungisi Ncalane, kwavela ukuthi akakulungele ukuquliswa icala, okwamanje ungeniswe esikhungweni sabagula ngengqondo.