Ubize iMK Party ngebhizinisi lomndeni osule isigubhukane
USESULE isigubhukane eqenjini umdidiyeli woMkhonto WeSizwe Party okhala ngokuphathwa kwaleli qembu njengebhizinisi lomnndeni.
U-Eugene Ndlangamandla obedidiye esifundeni uMkhanyakude enyakatho yeKwaZulu-Natal, ubhale incwadi echaza ngakubona kuleli qembu eliholwa nguJacob Zuma.
Encwadini yakhe yokwesula, uNdlangamandla uthe usebonile ukuthi le nhlangano isebenza “njengebhizinisi lomndeni nabangane kuneqembu lezepolitiki elikhulula abantu abamnyama.”
Kubukeka sengathi baningi abanye abamqoka kuleli qembu abazokwesula ngenxa yokungagciuliseki ngokuphathwa kwaleli qembu.

