Izindaba

Unikwe ibheyili oboshelwe icala lezibhelu zango-2021

SILOKHU sanda isibalo sababoshelwa amacala ezibhelu zangoJuly 2021 ezazihambisana nokutapa ezitolo.

Namuhla kwengezwe uJoe Bennington Mabaso (51) wangowesihlanu kanti uanikwe ibheyili ka-R1,500 yiNkantolo yeMantshi yaseRoodepoort eGoli.

Ukuboshwa kwalaba kungenxa yezibhelu zangoJuly 2021, lapho kusolwa ukuthi abalandeli balowo owayenguMengameli uJacob Zuma babeyingxenye yeqembu le-WhatsApp elalinesihloko esithi “ZUMA REAL ACTIVIST 100%”.


Kula maqembu kusolwa ukuthi kwabiwa imiyalezo esusa udlame, enomthelela ekubhebhethekeni kwezibhelu emphakathini kanye nokuphangwa kwezitolo eGauteng naKwaZulu-Natal.

Inkantolo ikhiphe incwadi egunyaza ukuboshwa kwe-J50, okwaholela ekuboshweni kukaMnuz Joe Bennington Mabaso (51).


Uhambisana nabasolwa abane (4), abake bavela enkantolo ngomhlaka-3 Juni 2025. 


Icala lihlehliselwe uJuly 29 kuJulayi kulo nyaka ukuze kuqhutshekwe nophenyo kanti kulindeleke ukuthi kuboshwe abanye.