Isikhonzi sizoshaqa impahla yenkampani kaSomizi
INKANTOLO iyalele ukuthi kushaqwe impahla yenkampani kaSomizi Mhlongo ngenxa yamiholo engakhokhiwe.
IKhomishana Yokubuyisana, Ukulamula Nokwahlulela (CCMA) iyalele inkantolo ukuthi ishaqe impahla yakwaSearch Light Pty Ltd, okuyinkampani
Ngokombiko weSunday World, le nkampani inganyelwe uMhlongo noLindo Maleho kanti yehluleke yancama ukuholela abasebenzi ababekwaTransnet eCarlton Centre.
Laba basebenzi baxoshwa kungafanele ngo-April 2025 ngaphandle kwesixwayiso noma ukulalelwa kwecala.
I-CCMA igunyaze ukudayiswa kwempahla yenkampani ukuze kukhokhwe amaholo nenzalo, ka-April, May noJune.
Owayeyisisebenzi wathi, “Asitholanga isexwayiso noma ukulalelwa; sivele sadedelwa,” eqinisekisa isinqumo se-CCMA esivuna bona.
Imizamo yokuthola uMhlongo noMaleho ukuze baphawule ayiphumelelanga.

