Izindaba

Ligwetshwe 20 weminyaka isosha elabulala umfundi

SELIGWESHWE iminyaka engu-20 libhadla ejele isosha leSouth African National Defence Force (SANDF) ngokudubula libulale umfundi ngenxa yefoni.

UDesmond Zwakala wabulala umfundi waseKimberley Boys High, u-Amogelang Assegai ngoba emsola ngokuntshontsha ifoni yengane yakhe.

Ethula ubufakazi enkantolo uZwakala wathi umfundi wambambha ngamawashingi kanti wayephethe isibhamu ngoba wayeqala ukuya kule ndawo okwakuhlala kuyo umufi ngakho wayesaba.

Umngani kaZwakala owayemhlambise ngemoto usindile ngoba wathi wayengazi ukuthi wayezofika abulale umfundi.