Izindaba

Sesidlule nemiphefumulo isiphihli sengozi yezimoto kuN3

BALINGANISELWA kwabahlanu abantu asebeshone engozini eyenzeke emgwaqweni u-N3 ongenela koya ngaseNtshongweni 


Imibiko esabalele isiveze ukuthi le ngozi yenzeke ngemuva kokuba itekisi ishayisane nemoto encane yabe isiphuma emgwaqeni. 

Itekisi iphonseke phansi onqenqemeni kanti icishe ibe ngamamitha angama-50 kuya kwangama-60 ngaphansi komgwaqo.

Ngokusho kwabe-ALS abezimo eziphuthumayo abesendaweni yesigameko, abezimo eziphuthumayo kudingeke ukuthi behle baqonde emotweni baqinise iziguli ezilimele.


Baphinde baqinisekisa ukuthi kunabagibeli abaningana abashonile, kodwa inombolo yangempela ayikwazi ukuqinisekiswa okwamanje.

Abezimo eziphuthumayo kudingeke ukuthi balethe abagibeli abalimele phezu konqenqema lapho ama-ambulensi engabathwala abayise esibhedlela. 


Udaba oluqhubekayo.