Izodilikelwa yijele insizwa edlwengule umzala
INkantolo yesiFunda yaseMtubatuba igwebe owesilisa wakwaHlabisa udilikajele ngecala lokudlwengula umzala wakhe omncane.
Lesi sehlakalo senzeke phakathi kuka-2019 no-2020 ngesikhathi isisulu sineminyaka eyisikhombisa umzala yena una-26.
Ngokombiko osenkantolo isisulu besihlala nomamncane nabazala bakhe ngoba abazali bakhe basebenza kwenye indawo.
Ngalesi sikhathi isisulu sadlwengulwa kabili, kuzo zombili lezi zigameko, ummangalelwa wasabisa ngokumbulala uma eke watshela noma ngubani ngakho.Â
Kwathi ngo-2023 isisulu sesibuyele kubazali baso eNgwelezane unina wasibuza kanye nezinye izingane zakwabo ukuthi bayafuna yini ukuya eMkhosini woMhlanga.
Isisulu sathi cha ngoba sasesingeseyona intombi nto ngenxa yokudlwengulwa ngumzala.
Kwavulwa icala, isisulu saphuthunyiswa eNgwelezane Thuthuzela Care Centre (TCC), kwathi lapho sihlolwa, imiphumela kadokotela yayihambisana nalokho ummangali ayekushilo.Â
Udaba lwabikwa emaphoyiseni. Ummangalelwa uthole ukuthi amaphoyisa abemfuna, wabe esebaleka endaweni yakwaHlabisa.
Wagcina eboshiwe eVryheid ngo-2024.

