UMchunu uphendule ngencwadi evuthayo kuMkhwanazi
UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu, usephendule ngokushiwo nguKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uNhlanhla Mkhwanazi okuthinta yena.
Esitatimendeni esikhishwe ungqongqoshe uthe waziswe ngesithangami sabezindaba sanamuhla esibizwe nguKhomishana wesiFundazwe saKwaZulu-Natali, uLieutenant General Mkhwanazi, ebeka izinsolo eziningi nezimangalo ezihlokwei ezahlukene.
UMchunu uthe akasoze avumela ubuqotho bakhe, oboMnyango noma be-SAPS ngokubanzi ukuba buyamaniswe nokushiwo ngaphandle kobufakazi.
” Sizobe sibuyekeza izitatimende zikaKhomishana wesiFundazwe futhi sibheke izinyathelo ezifanele,” kusho isitatimende.
Isitatimende siqhube sathi zonke izitatimende ezenziwe nguMkhwanazi esidlangalaleni zidinga uphenyo oluphuthumayo, olunzulu nolusobala, endaweni efanele.

