Izindaba

Ibuyelwe yisithunzi i-IFP kuqokwa imeya entsha

KUQHILIKA izihlathi kwabe-IFP ngenxa yokuqokwa kweMeya entsha evela eqenjini layo ezophatha umasipala wakwaNongoma.

Kulo mhlangano uKhansela uME Zondo we-IFP uqokwe ngokungephikiswe njengeMeya entsha kwakhishwa kabuhlungwana uClifford Ndabandaba.

UNdabandaba uphume kanye nobenguSomlomo uBabongile Sithole, njengoba kuqokwe uSinethemba Mbongwa oyikhansela laku-ward 5 wanguSomlomo omusha.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-2023 uAlbert Mncwango we-IFP wakhishwa kabuhlungu kwesobumeya kulo masipala.