Ibuyelwe yisithunzi i-IFP kuqokwa imeya entsha
KUQHILIKA izihlathi kwabe-IFP ngenxa yokuqokwa kweMeya entsha evela eqenjini layo ezophatha umasipala wakwaNongoma.
Kulo mhlangano uKhansela uME Zondo we-IFP uqokwe ngokungephikiswe njengeMeya entsha kwakhishwa kabuhlungwana uClifford Ndabandaba.
UNdabandaba uphume kanye nobenguSomlomo uBabongile Sithole, njengoba kuqokwe uSinethemba Mbongwa oyikhansela laku-ward 5 wanguSomlomo omusha.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-2023 uAlbert Mncwango we-IFP wakhishwa kabuhlungu kwesobumeya kulo masipala.

