Izindaba

Basale dengwane kusha inqwaba yemijondolo

INQWABA yemindeni isale dengwane kulandela ukusha komlilo emijondolo elinganiselwa ku-200.

Umbiko we-IOL udalule ukuthi uMasipala weTheku uthe lo mlilo ucekele phansi indawo yokuhlala yaseDakota eSiphingo ezintatha zangoLwesibili.


“Izakhiwo eziyimijondolo ezibalelwa ku-200 ezicekeleke phansi kwaholela ekutheni abantu abangu-300, okuhlanganisa nezingane, basale dengwane.

“Lo mlilo kukholakala ukuthi udalwe yisibani esivuthayo, esivame ukubizwa ngokuthi yimbawula. Akubikwanga muntu abalimele noma abashonile,” kusho isitatimende seDolobha.