Ibanjwe nocingo ejele impunyela eboshelwe amacala abucayi
AMAPHOYISA aphenya ukuthi uVusumuzi “Cat” Matlala kwenzeka kanjai ukuthi abe nocingo njengoba eboshiwe eKgosi Mampuru Correctional Services.
UCat usematheni kulezi zisuku kulandela ukuvezwa kwakhe njengothinteka emacaleni abucayi nokuba nobuhlobo noNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu, uBheki cele noShauwn Mkhize.
UCat uphinde abe yimpunyela eyaziwayo nesatshwayo nokubalwa amacala abucayi amaningi athinteka kuwona.
UKhomishana wamajele uMokgothi Thobakgale ubekhuluma kuNewsroom Afrika eveza ukuthi bebegasele kuleli jele.
Uthe ucingo lunikwe amaphoysa nokuyiwona asepheya okuningi obekwenzeka kulolu cingo.

