Izindaba

UMchunu uziphendulela kwizinsolo ezibucayi

UNGGQONGQOSHE wamaPhoyisa kuleli uthi akamazi nhlobo futhi akakaze athi vu kuye lo asolwa ngokuba ngubhululu wakhe.

USenzo Mchunu ubephendula izinsolo zakamuva ezenziwe nguKhomishana wesiFundazwe wamaPhoyisa uNhlanhla Mkhwanazi.


UMkhwanazi uveze ukuthi kunokwazana okuthile okuthinta usomabhizinisi uVusumuzi Matlala noMchunu.


UMchunu uqhube wathi akakaze ahlangane noMatlala, akakaze akhulume naye, noNgqongqoshe akakaze amcele noma athole lutho kuye.


Mayelana noBrown Mogotsi, ovele njegowayethumela imilayezo kaWhatsApp, uMchunu uthe umazi njengeqabane nje kuphela.