Izindaba

Ivela enkantolo impunyela esolwa ngokuzama ukubulala umakhwapheni

UBUYELA enkantolo uVusimuzi “Cat” Matlala osematheni ngenxa yombiko kaLiutenent General Nhlanhla Mkhwanazi omveza njengosomabhizinisi oxhasa uSenzo Mchunu ngezimali ezishisiwe.

UCat ugqunywe esitokisini eKgosi Mampuru ngecala lokuzama ukubulala owayengumakhwapheni wakhe ongumlingisi uTebogo Thobejane.

UTebogo, owayenguBelinda kuMuvhango, waphumela obala ezinkundleni zokuxhumana ngokuhlukumezeka nobunzima asabhekene nabo  yize owayeyisoka lakhe uMatlala egqigqa enkantolo ngecala lokuzama ukumbulala.

UMatlala ubhekene necala lokuzama ukubulala nelokwakha itulo lokubulala uTebogo ngokubambisana nabanye abasolwa okungunkosikazi wakhe uTsakane Matlala uMusa Kekana (35) noTiego Floyd Mabusela (47), nabo ababhekene namacala afanayo nakaMatlala.Â