Ezemidlalo

Kubhekwe isinqumo ngodaba lukaCaster Semenya

NAMUHLA kubhekwe isinqumo esimqoka kulandela ukuthi UCaster Semenya ephosele inkantolo inselelo ngodaba lokusubatha.


Ngo-2023, iNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu (ECHR) yakhipha isinqumo sokuthi uSemenya wayecwaswa, futhi amalungelo akhe aphulwa.


Lokhu kusukela  ekutheni uSemenya wenqaba ukwelashelwa ama-hormone, wakubiza ngokuthi kwehlisa isithunzi futhi kuyingozi.

Umsusa walokhu wukuthi ngo-2018, iWorld Athletics yethula imithethonqubo efuna abasubathi besifazane abane-DSD behlise amazinga e-testosterone ukuze baqhudelane emiqhudelwaneni ethile (400m kuya ku-1500m).