URamaphosa umema umhlangano womndeni
UMENGAMELI wezwe uMengameli Cyril Ramaphosa, usebize umhlangano womndeni ngeSonto lapho kuzodingidwa khona izinsolo zokuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu.
Okunye azokhuluma ngakho ubuholi obuphezulu bamaphoyisa obuthinteka ekuhlobabeni namaqembu ezigebengu elisebenzisana nezinkampani ezidayisa izidakamizwa.
Lo mhlangano ulandela isithangami sabezindaba sikaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi, osole uMchunu ngokuzwana nabathile abathinteka kokuphambene nomthetho.
Le nkulumo izosakazwa kuthelevishini kusukela ngo-7 ebusuku.

