Luya ngokujiya udaba lukaMchunu noMkhwanazi
UPHIKE walala ngomhlane ukuthi unobungani nokuthi ulwazi olubucayi ngamaphoyisa uluthola kuNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu.
Usomabhizinisi waseNorth West uBrown Mogotsi ukusho lokhu engxoxweni ekhethekile noSABC News njengoba esematheni ngemuva kwenkulumo kaLietenant General Nhlanhla Mkhwanazi yangeSonto.
UMogotsi uqhube wathi uMkhwanazi wenze le nkulumo ngesikhathi esibi ngoba yena wagcina ukukhuluma naye ngonyaka owedlule.
“Yebo nginayo indlela engithola ngayo amafayela abucayi amaphoyisa yize ngingelona iphoyisa kepha anginikwa uMchunu noma uSibiya.
Uthe uma ngesikhathi esifanele uyochaza kabanzi ukuthi kwenzeka kanjani abe nolwazi analo ngamaphoyisa nangempilo yomshoshaphansi yakuwona.

