Kuyaqala ukulalelwa kokudluliswa kwelika-Omotoso
KUZOQALA kusasa ukulalelwa kwengxenye yokuqala yohlelo lokudluliswa kwecala likaTimothy Omotoso nasolwa nabo eNkantolo eNkulu eGqeberha.
Lokhu kulandela umyalelo wejaji u-Irma Schoeman ngemuva kokuthi uMbuso uthumele isicelo sokucaciswa kwemiphumela yaleli cala.
U-Omotoso waphuma phambili emacaleni ayebhekene nawo ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.
Lo mphumela wacasula abaningi abasola ezokushushisa zakuleli ngokwezela phansi izisulu.
Ngaphezu kwalokho u-Omotoso wayayela ukuthi abuyele kwelakubo eNigeria.

