Isililo kudlula emhlabeni isilomo soKhozi FM
ZIGQEMEKE olugeqiwa ntwala ezenkolo kudlula isilomo somfundisi uDr Simon “SD” Gumbi (osesithombeni).
UGumbi (66) uzakhele udumo kakhulu emsakazweni uKhozi FM ohlelweni uNKulunkulu Nomuntu Omusha.
UGumbi udlule ngoMsombuluko ngemuva kokugula isikhathi eside.
Umndeni wakhe ngomlomo wendodana yakhe ezethule njengoMfundisi Nhlapo, wenze lesi simemezelo kuFacebook nokuyilapho udalule bukhoma ngokudlula emhlabeni kukaGumbi.

