Izindaba

Lisobishini iphoyisa elisolwa ngokugila igoda abashayeli besifazane

IPHOYISA lomgwaqo liboshiwe ngamacala obugebengu abhekiswe kwabesifazane abebehamba emgwaqeni u-M4 eThekwini.

Umbiko we-eNCA uveza ukuthi lo msolwa uyilungu leNational Traffic Police.

Umbiko uqhuba iuthi oKlebe balandele umsolwa izolo ngemuva kokuphenywa kwamacala okuthumba, ukusabisa nokushaya.

Lokhu kungenxa yokuthi umsolwa uyamaniswa namacala okuvama ukumisa abesifazae abahamba ngezimoto zikanokusho maqede abagile igoda.


Kuthiwa ubebamisa ababophele ukwephula imithetho emincane yomgwaqo.


Kwesinye isigameko kuthiwa wafoela omunye wesifazane oyiisisulu ngemuva kwamasonto ayemmise mgwaqeni wasabisa.

Umsolwa uzovela enkantolo kusasa.