UShivambu ugxeka uMbeki ngodaba lomhlaba
UFloyd Shivambu usegxeke kakhulu owayenguMengameli wakuleli ngokuthi abantu abamnyama baseNingizimu Afrika abawufuni umhlaba noma ukuzibandakanya kwezolimo.
UShivambu uthe uThabo Mbeki akazilutho ngabantu abamnyama futhi akanalwazi ngempilo yabantulayo ngoba uphila eyobucwicwicwi.
Usola uMbeki ngokufinyelela kule nkulumo yakhe ngoba nakhu ephila impilo yabaqhelelile kueyabantulayo.
Uphinde wagcizelela ukuthi imiphakathi yabamnyama iyawufuna umhlaba, izinsiza zokulima, kanye nokwesekwa ukuze izondle.

