Izindaba

Kuboshwe abakhokhisa osomabhizinisi imali yokubavikela

SEKUBOSHWE abalisa ababili abasolwa ngokuthumela izincwadi ezisabisa ngokuqola osomabhizinisi bendawo ngokufuna imali yokubavikela.


Laba balisa ababili bacushelwe umgoga ngamalungu omphakathi nosomabhizinisi okuyibona ababikele amaphoyisa ngalezi zincwadi ezibasabisayo.


Abasolwa bazifake kunoxhaka ngesikhathi bezitshela ukuthi sebeyolanda imali ‘yokuvikela amabhizinisi’ kanti bazofike baboshwe amaphoyisa aseSiqalo eGugulethu.

Abasolwa ababoshiwe baneminyaka engu-19 no-25 kanti bathweswe amacala okuqola futhi bazovela enkantolo yeMantshi yase-Athlone maduze.