Kubonwa ngokusa ‘kogqenywe ngesando’ ekhanda umyeni
KUBONWA ngokusa kowesifazane okuthiwa ugqenywe ngesando ekhanda amahlandla amaningi ngokuthiwa ungumyeni wakhe oyisethenjwa se-ANC.
USinenhlanhla Gcabashe kuthiwa ulele e-ICU uqulekile kulandela isigameko esishaqise abaningi nokusolwa umyeni wakhe uMlekelelli Gcabashe kusona.
Amapghoyisa athe aphenya izinsolo zokuzama ukubulala.
Umsolwa oyisikhulu kumasipala wakwaDukuza uvele kafushane enkantolo kamantshi kwaDukuza namuhla wakhala ngokulimala njegoba amalungu omphakathi emtitinyile kwaze kwasiza amaphoyisa ambophile.
I-ANC isiqinisekisile isigameko yathi iyaphenya.
UGcabashe uzobuyela enkantolo ngoLwesihlanu oluzayo.

