Kuboshwe umholi we-ANC osolwa ngokugqema ngesando umkakhe
KUBOSHWE umholi ophezulu we-ANC esifundeni saKwaDukuza KwaZulu-Natal ngezinsolo zokugqema ngesando esikhulu ephindelela ekhanda unkosikazi wakhe.
ISunday World ibika ukuthi uMlekeleli Gcabashe, uboshwe ngemuva kokuthi amalungu omphakathi ethe “ukuxoxa ” naye kancane.
Ngokusho kozibonele, uGcabashe ugqeme ngesando umkakhe uSinethemba besedolobheni.
“Abanye abantu banqume ukumshaya. Wasindiswa ukufika kwamaphoyisa. Bacishe bambulala,” kusho omunye ozibonele.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Robert Netshiunda uthe baphenya icala lokuzama ukubulala lapho owesifazane eshaywe ngesando ekhanda walimala wasephuthunyiswa esibhedlela.
“Umsolwa kusolakala ukuthi ube eseshaywa ngamalungu omphakathi, waphinde wadluliselwa esibhedlela esiseduze ukuze athole usizo lwezempilo.
Umxhumanisi wethimba le-ANC esifundeni uMnuz Nkosenhle Mngadi uthe bayazazi lezi zinsolo.
Uthe bazofuna izimpendulo kuGcabashe.

