Izindaba

Unenkinga yemali osolwa ngelokubulawa kwenkosi yakwaXimba

UBHEKENE nenkinga yemali osolwa njengokuba wungqondongqodo ecaleni lokubulala umfowabo owayeyinkosi yesizwe sakwaXimba eCamperdown.


UMzamo Duncan Mlaba ubevele enkantolo yemantshi eMlazi kuyolalelwa isicelo sebheyili liapho esolwa ngokubulala enye yezinkabi zakhe uMncedidi Gwala ayisebenzisa ukubulala inkosi uZibuse Mlaba ngo-2021. 

Lokhu kuvele ngesikhathi uMzamo ephakamise isandla ukuze akhulume, uphazanyiswe ithimba labameli bakhe, u-Arvina Harricharan no-Adv Christos Van Schalkwyk.

“Isikhundla sethu njengabameli singase sibe sengozini ngenxa yesimo sezimali sekhasimende lethu,” kusho uVan Schalkwyk etshela inkantolo.

Kuphinde kwavela ukuthi uMzamo ubhale incwadi efungelwe enamakhasi angu-60 nesadinga ukufundisiswa. kuthi abaphenyi baqinisekise ulwazi kwayena umsolwa ayisayine.