Ezintsha ngodaba lwamanzi anezinsalela zama-ARV’s aphuzwa kuleli
UMNYANGO Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle (DWS) usuqinisekise umphakathi ukuthi abukho ubungozi bezempilo kulandela ukutholakala kwenani elincane ama-ARV kweminye yemifula yaseNingizimu Afrika nasemithonjeni yamanzi okuphuza.
Umbiko we-IOL uthi lokhu okutholakele kuvela ocwaningweni lwe-Water Research Commission (WRC) olwenziwa yiNyuvesi yaseNorth West ukuphenya ngokungcola okusafufusa.
Lolu cwaningo luveze ukuthi abakuleli baphuza amanzi anezinsalela zama-ARV’s ezitholakala emifuleni, emithonjeni basempompini.
“Ukuba khona kwezinsalela zama-ARV emanzini okuphuza akunangozi,” kusho i-DWS.
Yengeza ngokuthi amazinga atholakele ayephansi kakhulu, akalwa ngama-nanograms, noma ingxenye yesigidi sesigidi segram ilitha.
“Imithi efana nama-ARV yimithi esetshenziselwa ukwelapha izifo, ayibangeli izifo,” kusho abeDWS.

