I-ANC igxeka iMK ngokusebenzisa ifulege lakuleli ekuhambeni
I-AFRICAN National Congress (ANC) isikhiphe isitatimende igxeka isenzo samalungu aqavile oMkhonto WeSizwe Party ahambele eMoroco sokusebenzisa ifulegi lakuleli.
Igxeka ukusetshenziswa kwefulegi laseNingizimu Afrika kulo mhlangano ngokungekho emthethweni kanti bakuboa kubukela phansi izwe nezinkambiso zalo.
I-ANC ikhala ngokuthi akulungile lokhu ikakhulukazi ngoba kwenziwa kube sengathi bamele izwe nokuyinto ethumela umlayezo ongemuhle.
Ezinsukwini ezidlule iMK Party iveze ukuthi uDuduzile Zuma – Sambudla uzoba seMorocco ukuyoba yigxenye ye-African Peace and Security Annual Conference eqala namuhla ngoMgqibelo iphele kusasa ngeSonto.
USambudla uyilungu lephalamende nosihlalo weSouthern Caucus of the Pan African Parliament.

