Seluqubule umsindo uhambo lukaZuma oluseMorocco
SESITHOLE ukugxekwa isenzo sowayengumengameli wakuleli sokuyovuna iMorocco ekudleni umhlaba wabacindezelwe.
UJacob Zuma woMkhonto WeSizwe Party ubonakale kwi-video esabalele ezinkundleni zokuxhumana eseRabat eMorocco.
Kuyona uyazethula kanye neqembu aliholayo.
Unikezela izintambo kuMagasela Mzobe ukuba afunde isitatimende egameni likaZuma eseseka iMorocco egameni lokuthi kuzoba nokuthula noxolo kule ndawo.
Kungumlando ukuthi iMorocco ifuna ukudla umhlaba osentshonalanga yeSahara kubantu abangabomsinsi khona ama-Sahrawi.
Kulolu hambo lwakhe uZuma, usethole ukugxekwa yi-ANC nangabantu nje ezinkundleni zokuxhumana abahumusha okwenziwa yiMK Party kufana nse nokwenziwa ngabamhlophe kubantu abamnyama kuleli.

