Intokazi yakwaDambuza iboshelwe ukukhiqiza utshwala bomgunyathi
KUBOSHWE owesifazane (28) wakwaDambuza eMgungudlovu ngezinsolo zokukhiqiza nokusabalalisa utshwala obungekho emthethweni.
Umbiko wephephandaba iThe Witness uthi kutholwe isamba esikhulu sotshwala obungekho emthethweni obulinganiselwa ku-R120 000.
Lo wesifazane kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu ngoMsombuluko ebhekene namacala okukhiqiza nokutholakala notshwala ngaphandle kwelayisensi.
UKhomishana Wesifunda saseMgungundlovu uMajor General Mduduzi Shezi uncome ukubambisana kwabo bonke ababambe iqhaza.
“Amaphoyisa e-SAPS asazibophezele ekuqedeni ubugebengu futhi anxusa umphakathi ukuthi uqhubeke nokubika ngezenzo ezisolisayo emiphakathini yawo,” kusho uShezi.

