Ugixabezwe ngodilikajele umalume olumanayo
INKANTOLO yesiFunda eFilidi igixabeze umalume udilikajele ngelokudlwengula umshana oneminyaka ewu-6.
Enkantolo kuvele ukuthi lo malumeĀ (27) waKwajojwana eFilidi, ubesebenzisa ithuba uma izingane ezincane zizobuka ithelevishini endlini yakhe.
Isilulu sibhoboze ithumba kunina ongapholisanga maseko wabikela amaphoyisa kwaba ukuboshwa kukamalume olumayo.
Inkantolo iphinde yanquma ukuthi igama likamalume lifakwe ohlwini lwabadlwunguli.

