Ufunwa uthuli osolwa ngokuba ushayasibhamu waseKZN
AMAPHOYISA afuna osolwa ngokuba wushayasibhamu nokukholakala ukuthi nguye owabulala owayeyinhloko yophiko lwezinkampani nophenyo kuCity of Ekurhuleni.
UHlanganani Agripper Mncwango kukholakala ukuthi nguye owabulala uMpho Mafole.
Ngokombiko wamaphoyisa uMncwango kusolakala ukuthi ungowaKwaZulu-Natal, kodwa ngesikhathi ebulala uMafole, ubehlala kwelinye lamahostela adume kabi eGauteng.
Umsolwa wesibili kuleli cala waboshwa ngamaphoyisa, ungaphakathi.
UMafole wabulawa ngesikhathi ephenya ngokukhwabanisa amathenda ka-R2 billion eKurhuleni.

