Izindaba

UNomagugu ukhala ngamanga angcolisa igama lakhe

UNGQONGQOSHE wezeMpilo KwaZulu-Natal  umatasa ubheka kuthi zinyathelo zini zomthetho angazithatha ukuvikela igama lakhe nobuqotho bakhe kulabo abalingcolisayo.


UNomagugu Simelane-Mngadi kusho lokhu esitatimendeni sakhe mayelana nezinsolo abekwa zona ezahlukene.


Phakathi kwezinsolo ezisematheni udaba lwenkampani athe yasungulwa abazali bakhe ngo-1996.

“Ngesula kuyo ngo-2004. Anginabhizinisi kuyo. Angikaze ngizuze kunoma yikuphi ukusebenzelana kwayo,” kusho uNomagugu.

Uqhube wathi inkampani okukhulunywa ngayo yathola imali ebolekiwe ebhange Ithala ngo-2008. 

” Ngaleso sikhathi, ngangiyisikhulu esisezingeni eliphansi kuHulumeni, ngingenagunya noma amandla phezu kweThala nanoma yiziphi izinqumo zoxhaso,” kubeka uNomagugu.