Akasekho emhlabeni umdlali obezishaya isifuba ngokucwasa abamnyama
KWAMUKELWE ngezidlela ezahlukene ukushona kwesigansonso ezidume kwiWWE uHulk Hogan.
Ukushona kwakhe kushiye abanye bejabule abanye bejabhile.
Lokhu kungenxa yokuthi ubengabafuni noma ababone abamnyama ebabiza ngegama elilulazayo eliqala ngo-N elisetshenziswa e-USA.
Lokhu kuhlale obala kakhulu ngesikhathi indodakazi yakhe ijola nomuntu omnyama nangesikhathi sokukhankasela ukhetho lukamengameli waba nokucwasa uKamala Harris ngenxa yebala lakhe.
UHogan (71) ushone izolo ngemuva kokuthi kubizwe abosizo lokuqala kukhalwa ngokuthi unenkinga yesifo senhliziyop.
Ngokwemibiko, uHogan ushonele endleleni kade eqeda kuthathwa emzini wakhe eClearwater, eFlorida e-USA.
Lo mdlalo we-Wrestling waziwa umhlaba wonke ikakhulukazi njengoba eophinde wahlonishwa kabili lwi-WWE Hall of Fame ngenxa yamagalelo akhe kulo mdlalo.

