Ezokokungcebeleka

Isililo kudlula emhlabeni inkakha yomlingisi ebidume ngelikaNgqongqo

ISIGQEMEKE olungeqiwa ntwala imboni yezokungcebeleka ngokudlula emhlabeni kwenkakha yomlingisi waseNtuzuma, eThekwini.


Kushone elayizolo sekuvele ukuthi uMartin Ziqubu, ozakhele igama ngemidlalo yomoya emsakazweni nangokulingisa, sekumenyezelwe ukuthi akasekho emhlabeni.

UZiqubu uqale ukugqama ngezwi lakhe elehlukile emidlalweni yomoya yoKhozi FM okubalwa kuyona iKusa Kusa, Indandatho Yesethembiso neminye eminingi. 

Kulapho aziwe kakhulu ngegama likamlingiswa uNgqongqo.


Ngokuqhubeka kwesikhathi ungene kuthelevishini nalapho wenza into yamehlo emidlalweni okubalwa kuyo iHhostela, Uzalo, Umthawelanga, neMbewu.

Impumelelo yakhe kwezokulingisa igqame kakhulu njengoba ebesebenzisana neBecky Casting Agency.