Kuboshwe osolwa ngokudayisisa indodakazi izidakamizwa
UBOSHWE amaphoyisa owesifazane (43) osolwa ngokuhweba ngezidakamizwa.
Amaphoyisa agasele agcwala igceke emzini othile eGreytown nokuyilapho eshaqe khona owesifazane osolwa ngokusebenzisa indodakazi yakhe esencane ukuyidayisa izidakamizwa.
Kushaqwe izibhamu, izinhlamvu, izikhali eziyingozi kanye nezidakamizwa ngesikhathi somkhankaso.
Uzovela enkolo kungekudala.

