Kusolwa onomlenze owodwa ngokweba iveni yamaphoyisa
KUTHIWA owesilisa onomlenze owodwa webe imoto okukholakala ukuthi ngeyamaphoyisa akuleli esiteshini samaphoyisa eMhlali ekuseni namuhla.
Umbiko we-eNCA uveza ukuthi ngemva kwehora umsolwa ezijabulisa ngemoto asolwa ngokuyeba, ubanjwe ogwini lolwandle.
Yize izimo zingacaci kodwa kukholakala ukuthi amaphoyisa abekade ebhekele umsolwa oboshiwe ngesikhathi kuthathwa imoto.
Umsolwa, ngokusho kwemithombo yezokuphepha, ungumuntu owaziwayo ohluphayo endaweni.
Sekuyimoto yesibili yamaphoyisa ezithola igileka ngalolu hlobo kuleli sonto. NgoLwesine, kuvele umbiko ofanayo eWentworth.

