Uqolwe itshe lemali obezama ukuthenga umdlwane
UKHALA uyazithulisa oqolwe itshe lemali kade ethi ukhokhela ukuthenga umdlwane enkundleni yokuxhumana.
Ngokombiko wenkampani yonogada iReaction Unit South Africa (RUSA) lo oqoliwe ubone isikhangiso la bekudayiswa khona umkhangcala omuhle obizwa ngeTea Cup Poodle ogama lakhe lingu-Ooma.Â
Lo wesifazane ube nentshisekelo yokuthenga wasexhumana nomthengisi futhi wenza inkokhelo ye-Electronic Funds Transfer (EFT) engu-R4500 ku-akhawunti yase-Standard Bank.
Uthintwe ngobemthengisela ethi ngoba umdlwane usemncane uzodinga incubator ukuze ususwe eNewcastle eya eThekwin kanti izindleko zizoba ngu-R15 750.
Ngemva kwalokhu abathengisi ababange besatholakala nhlobo ezingcingweni.

