Izindaba

Kumbhedele ethi ubhalisa iqembu lakhe owamiswa yi-ANC

SICHITHWE njengamanzi isicela sokubhalisa iqembu lezepolitiki lalowo owayeyilungu lePhalamende le-ANC uBoy Mamabolo.

UMamabolo usungule iqembu lakhe lezepolitiki elibizwa ngeMandela For President (MFP).

I-IEC ilichithile ngenxa yokuthi uMamabolo akatholakanga abantu abasayinile abanele futhi ukusebenzisa igama likaNelson Mandela nemibala ohuzu nomnyama kubonakale kuzodida abavoti.

Kubukeka sengathi uphinde washaya udaka ngokuthi ngesikhathi ebhala incwadi wathi amagama akhe unguMandela Jacob Boy Mamabolo, kodwa kwavela ukuthi usenge ezimithiyo.