Izindaba

Uhlabeni niwulawule ngosolwa ngokubulala izelamani

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal acela niwuhlabe niwulawule ngokufuniswa umfo waseFolweni osolwa ngokubulala izelamani.

UJoyful Mzulwini (20) odume ngelika “Zwe” waseMpusheni Reserve eFolweni waboshelwa ukutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni ngoJanuary kulo nyaka wabuye wadedelwa ngebheyili.

Ngemuva kokudedelwa wathi galo yephuka, wephula imibandela yebheyili.

Ngesikhathi esebheyili, uZethembe kusolwa ukuthi wabulala izelamani ezimbili emzini wazo eMpusheni Reserve ngo-April 28.

Amaphoyisa acela noma ngabe ngubani ongaba nolwazi ngokuthi ukuphi uZethembe athinte uDetective Constable Khuzwayo ku-082 3348 323.