Injabulo uGogo Maweni ebusiswa ngamawele
ISILOMO sesangoma uGogo Maweni useveze ukuthi usebusiswe ngabantwana abangamawele.
Ngokwencazelo ebhaliwe ehambisana nezithombe, lezi zibusiso zakhe nomyeni wakhe uSabelo Mgube, zifike emhlabeni ezinsukwini ezimbili ezedlule.
Kuzokhumbuleka ukuthi ukuzithwala kwakhe wakudalula eNkantolo yeMantshi yaseProtea esikhathini esedlule.
Kulapho ayencenga khona inkantolo ukuba imnike ibheyili lapho ebhekene necala lokushaya ngenhloso yokulimaza.

