Izindaba

Kugwetshwe umkhwenyana owadlwengula ngosuku lwakhe lomshado

UGWETSHWE ukudilikelwa yijele umkhwenyana owadlwengula ingane (9) ngosuku lwakhe lomshado.


Ngokombiko weNational Prosecuting Authority (NPA), umkhwenyana (45) owayebopha elikasofa silahlane ngoDecember 23, 2023 waboshwa ezintatha ngemuva komshado.

Umbiko uveza ukuthi wanyonyoba wayothatha ingane eyayilele embhedeni eyisihlobo segazi nomakoti wakhe umkhwenyana.

Wayitatamisa wayoyifaka ekameleni elingenamuntu kuthe eseyiqalile ukuyigila yakhala kakhulu kwavuka umndeni yena wabaleka.

Nakuba umkhwenyana eliphika icala kodwa ubufakazi bukadokotela, obolibofuzo kanye nobufakazi bukamalume kamsolwa, nowaqinisekisa ummangalelwa ukuthi uvumile ukuthi unukubeze ingane ngokocansi futhi wabonisa ukuzisola kuye kwenze lamlahla icala.